UDeon Hotto amaphutha uwabeka kubo bengabadlali

UDeon Hotto ongumdlali we Orlando Pirates neqembu lesizwe laseNamibia, ubona ukuthi badlale ngomsebenzi belahla amathuba amaningi ngesikhathi bedlala neBafana Bafana emdlalweni we African Cup of Nations. “Lomdlalo bekumele siwunqobe ngamagoli amaningi, kodwa besingabahle enkabeni yesisu njengoba amabhola abengafiki kahle kuPeter Shalulile. Okugcine sekulethe ingcindezi kubadlali basemuva” kusho uHotto.

Leliqembu lizodlala umdlalo walo wokugcina neMali kanti lomdlalo uzoba ngomqoka kakhulu njengoba befuna ukudlulela phambili kuma group stages. Umqeqeshi Collin Benjamin usikhuthazile ngobumqoka balomdlalo. ukuthi ubalulekile kanjani kubantu base Namibia .


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.