
Imenenja yeSuper Sport United, uStanley Mathews ubikele IBUNDA IZINDABA ukuthi ubone kuncono ukuthi amazise uKhama Billiat ukuthi akanayo imali yokumsayina ngakho kuzomele aqhubekele phambili. “Thina siyiqembu elincane futhi elingenayo imali kanti yena udinga imali esingenayo njengoba engumdlali ophambili. Azikho izinxoxo esizibambe naye nemenenja yakhe.” kuqhuba uMathews.
Ngibe sengimumisa ekujimeni neqembu ngoba ngiqonda ukuthi ujimela amahhala, kuzokhumbuleka ukuthi ukaputeni we Super Sports United, u-Onimsor Bhasera kuhle noma esemncengela kubaphathi kodwa waphunza imizamo yakhe. UKhama Billiat wachizela iqembu le Kaizer Chiefs ngoba ekholwa ukuthi umsebenzi uzowuthola nomangabe kukuphi. Okumanje usephenduke iqaqa emaqenjini kumanje usebuyele kubo eZimbabwe njengoba engawutholanga umsebenzi ku Super Sports United.
UBilliat kuvela ukuthi uqhatha usizi lokungawutholi umsebenzi ngoba ubenethemba lokuthi uzowuthola njegama azenzele lona ku Dstv Premiership, nomqeqeshi Gavin Hunt uveze ukuthi ayikho nhlobo into engathi makusheshwe asayine ngoba vele akekho esimweni esihle njengoba ubengadlali izinyanga eziyisithupha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
