
Ubhekene nengwadla uNompilo Mwelase odlala indawo kaNokuthula kuSkeem Saam okubikwa ukuthi ulukhuni nokungabazweli abalingisi abanethemba lokufika kuma-auditions abephethwe yiBlack Brains Pictures KwaZulu-Natal. Le nkampani ephethwe ngumlingisi nophrojusa odumile uMandla N, ibithungatha abalingisi abakhuluma isiZulu nabalingisi bezinhlelo zayo ezizayo.
Inhlolokhono iqale eNewcastle yasongwa eBatcentre ebigcwele phama eThekwini ngoMgqibelo, lapho uMwelase, odlala indawo kaNokuthula ochungechungeni lwemidlalo yaphakathi nesonto kuSABC1, abengumqondisi wabalingisi.
Nokho abanye abebenethemba bathi abanikwanga ithuba lokuthi baveze amakhono abo njengoba bevele banqanyulwa nguMwelase. USizwe Mbanjwa, othe waboleka imali kubangani ukuze ahambele inhlolokhono, ubephakathi kwabalingisi abangu-2 000 abazizwa bephoxekile ngokuziphatha kukaMwelase.
“Njengamanje ngiyakungabaza ukwethembeka nokubaluleka kwami kulo mkhakha wezokungcebeleka. Angikaze ngibe namahloni,” kusho uMbanjwa. “Ngesikhathi ngisaqala, lo wesifazane wakwaSkeem Saam wanginqamula ngokuthi ‘olandelayo’.”
Omunye obephoxekile, uNozizwe Mdletshe, usole uMwelase ngokungabekezeli nokuchema, ethi uvuna abantu asebengene emkhakheni wokulingisa. “Kube buhlungu ukubona ezinye izingane zihamba zikhala izinyembezi ngemuva kwalokhu kulahlwa kanzima. Cabanga ujikiswe kanjena ngemuva kokudlulela emalungiselelweni anzima nokuzidela,” kusho uMdletshe.
“Engibuye ngayicosha wukuthi abanye abantu bebevunyelwa ukudlula ulayini omude bedla abanye abebebekezelele ukushisa kwelanga. Lokho kwakungalungile ngoba abanye bethu bafika ekuseni kakhulu.” UMwelase uyazivikela Ngesikhathi ethintwa ukuze aphawule, uMwelase uthe unomuzwa wokuthi ukugxekwa kwakhe ezinkundleni zokuxhumana kungalungile, wathi umsebenzi wakhe ubewenza ngobunyoninco kuphela.
“Abantu kumele basebenze emisebenzini yabo yezandla. Ngeke ngibe nabaphathi abangeneme ngomsebenzi wami ngokuzama ukujabulisa abantu,” kusho uMwelase. “Benginejaji obekumele lingihlole kuqala ngoba benginomusa futhi ngivumela abantu ukuthi badlule, kodwa amajaji akhala ngokuthi athola kuphela ‘izithombe zokhuni’ esikhundleni sabantu ababafuna ngempela.”
Uthe njengoba esengumlingisi osemnkantshubomvu uyawabona kalula amandla kwabanye, wabe eseluleka abasafufusa ukuthi bangadikibali emuva kokulahlwa. “Nami ngike ngahamba ngalo mgwaqo kodwa angikaze ngizithele uthuli ngilokhu, ngingqongqoza kwaze kwafika ithuba. Kulo nyaka ngunyaka wesine ngisebenza noMandla N ngoba bekumele ngidlule ezigabeni. Njengoba abanye abantu bebewalangazelele amathuba kuma-auditions, nami bengiwenza umsebenzi wami ngawo wonke amandla ami.”
UMandla N, inkampani yakhe ekhiqiza izinhlelo ezidumile ezifana neLockdown, Isitha: The Enemy, The Back Door neDiep City, nezinye, akatholakalanga ukuba aphawule. Abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bathe akukhona okokuqala ukuthi iBlack Brains Pictures iphathe kabi labo abafuna ukulingisa eThekwini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
