Izakhamizi zaseDiepsloot zifuna kuthathwe zinyathelo

I-Diepsloot, ilokishi elisenyakatho neGoli, isiphinde yagcwala ukwesaba nentukuthelo ngemuva kokudutshulwa kwabulawa abantu abane ezigamekweni ezahlukene ngoMgqibelo. Izakhamizi zithi abokufika ngokungemthetho yibo ababulala abantu futhi amaphoyisa ayehluleka ukubavikela. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uBrig Brenda Muridili, oyedwa wabashonile udunwe imoto, wadutshulwa wabulawa, abanye baphucwa izimpahla zabo balimala kabi. Uthe amaphoyisa athungatha abasolwa wanxusa noma ngubani ongaba nolwazi ukuba aphumele obala.

Nokho, abanye abaholi bomphakathi bathi amaphoyisa awenzi okwanele ukubhekana nezinga eliphezulu lobugebengu endaweni, osekuholele ekuhlaselweni kwezixuku eziningi esikhathini esidlule. NgoZibandlela wezi-2023, abantu abayisikhombisa bashiswa bafa ezigamekweni ezimbili eDiepsloot.

ULoyiso Toyiya, ongumholi wesigungu somphakathi, uthe ukushona kwalaba abane bekuyingxenye yezigameko eziningi ezenzeke ngempelasonto. Uthe omunye wabashonile ubengumholi womphakathi wathi lolu dlame lwenziwa abokufika ngokungemthetho abahlukumeza abantu bendawo.

“Sidumele ngokuthi isimo saseDiepsloot mayelana nobugebengu asikashintshi, naphezu kwezingcingo eziningi esizishaye sicela kungenelele ihhovisi likamengameli,” usho kanje. Uqhube wathi lolu dlame selukaphakeleke nasezikoleni, lapho abafundi bebambene khona futhi begwazana ngaphandle kwamagceke esikole. Uthe abanye abafundi babanjwe nezikhali okubalwa imimese nezingodo emagcekeni esikole.

Izakhamizi zaseDiepsloot zike zabamba imibhikisho eminingi esikhathini esedlule, zifuna kwandiswe izinyathelo zamaphoyisa kanye nokuthi kususwe abokufika ngokungemthetho kule ndawo. Bathi baphila ngokwesaba nokungavikeleki, nohulumeni ubashaye indiva.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.