Abalingisi bomdlalo uNikiwe bahola uR400 ngoDisemba

Abalingisi bomdlalo we-TV ongasakhonjiswa, uNikiwe, babhoka ngolaka mayelana nokuholelwa u-R400 umuntu ngamunye njengeholo likaDisemba. Ngokusho kwabalingisi bakweletwa amakhulu ezinkulungwane zamaRandi amaholo abangakaholelwa, osekushiye iningi labo lisenkingeni yezimali. Isimo besimuncu kangangoba abanye babalingisi bebengakwazanga ukubungaza ngoKhisimusi njengoba bebezabalaza nokubeka ukudla etafuleni.

Laba balingisi bathole umyalezo ovela kubaphathi bomdlalo wetelenovela, iParental Advisory Productions, ephethwe nguThomas Gumede noLungelo Radu, ebazisa ukuthi ngeke bayithole imiholo yabo kaDisemba.

Laba balingisi sebethathela izinyathelo zomthetho le nkampani edidiyelayo njengoba abaningi babo bebona sengathi kudlwala ngabo. Lesi simo sishube kakhulu nanokuthi le nkampani okukhulunywa ngayo ibingaziphenduli izikhalo zabo okushiye iningi labalingisi lizizwa lingenamandla. “Sikunqabile lokho, ngenzenjani ngo-400 emholweni ongaphezu kuka-R20k,” kubuza omunye umthombo “Sizwakalise ukuphatheka kabi ngalesi simo futhi akekho osilalelayo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.