
UMasipala waseMsinga uphume umkhankaso wokuhambela zonke izikole sasendaweni yaseMsinga esivuliwe ngenhloso yokukhiqiza imiphumela emihle ekupheleni konyaka njengoba zona seziqalile zifunda.
UMeya waseMsinga uDr Felinkosi Sikhakhane ehambisa namakhansela kanye nabasebenzi BoMkhandlu bahambela izikole ukuyoshumayela ivangeli lokuphasa ukuthi abafundi befunde ngokuzikhandla ukuze kuzophumela imiphumela emihle ngokuphela konyaka.UMeya utshele abafundi nothisha ukuthi bona njengoMkhandlu bayiqhenya kakhulu ngezikole zalapha eMsinga njengoba iningi lazo zikhuqhiza imiphumela emihle njengoba iningi lezinga bezifunda kulezikole ezinye zaso zingoDokotela abameli kanye noNjiyela.UMeya akagcini ngokushumayela ivangeli lokuphasa kuphela kodwa uphinde enikela ngokudla kulezikole ukuze badle befunde kahle besuthi.Uthe lokhu bakwenziswa ukuthi khona izingane ezisuka emakhaya zingadlile wathi uyazi ukuthi kubuhlungu kanjani ukufunda ungadlile yingakho bona njengoMkhandlu waseMsinga bethathe isinqumo ukuthi bephathe nokudla ukuze izingane zizoba nomfutho wokudla.
USdumo Dlamini onguthisha nhloko wesikole iMacigwane High School esidume kakhulu ngokuphasa esishaya zonke izikole emakhanda ngemiphumela emihle uthe bayabonga kakhulu kuMeya kanye noMkhandlu waseMsinga ngokunakekela izikole njengoba ziningi izinto ezinhle uMkhandlu obalekelela ngakho.Uma sicela usizo kuMkhandlu uyasilekela kakhulu siyabonga kakhulu ngamagalelo oMkhandlu lokho kusikhombisa ukuthi sibalulekile nathi singothisha futhi kusinika nomfutho ngokuthi sifundise ngokukhulu ukuzikhandla ukuze imiphumela yethu iyohlezi imihle.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
