
Umphakathi wase Ngome ukhala ngamanzi angekho emphakathini njengoba usaphuza amanzi nezimbongolo nezinkomo, lomphakathi ongaphansi komasipala wase Mvoti. IBUNDA IZINDABA, lihambele lomphakathi njengoba belincinzwe ngamalungu omphakathi, ukuthi lizozibonela impilo ephilwa yilomphakathi wesizwe sakwaZondi eNgome. Lomphakathi uthi njengoba uphuza amanzi aqhamuka emfuleni nase emthonjeni.
“Kubancono kakhulu mangabe kusehlobo ngoba iziphethu ziyaphuma, kodwa mangabe kusebusika kudingeka ukuthi ukhiphe izingane ngabo 3 ezintathu kusa ziyokha amanzi. Abantu basuke beshaye ulayini omude” kusho umama Manjakazi Zondi oyilunga lomphakathi was esigodini sase Mpalase. Lendawo inamatshe amaningi kakhulu nomhlabathi wakhona lugwadule uqobo lwawo. Kwezinye izindawo kuyabonakala ukuthi kwabe kunamapitsi amadala angasanakekelwa. lendawo yakhelwe ipulazi lomlungu uShobeni Bracken, utshale amahlathi afana no watela, ugogomu, uphaya, lezihlahla zidla amanzi amaningi kakhulu. ngaleyondlela amanzi ayanqamuka emfuleni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
