
Inkosi Bhambatha kamancinza Zondi wabamba iqhaza elikhulu eMsinga naKwaZulu Natal, ngokulwa namangisi ngokhanda mpondo, lemali abamhlophe babethi mayithelwe ngamakhosi nabantu bamakhosi kodwa iNkosi uBhambatha washaya phansi ngonyawo, wathi uzolwa anqamuke izandla namangisi ngempela wawabulala eNgome, lempi yabe ingonyaka ka 1906, leliqhawe lase eMsinga alihlonishwanga ngendlela efanelekile njengoba isichuse sokumhlonipha singamatshe kodwa wabamba iqhaza elikhulu kubantu base Africa ukubakhulula kubagcindezeli, kodwa uhulumeni wase Ningizimu Africa umhloniphe ngamatshe kodwa amaqhawe omzabalazo bona bahlonishwe ngemfanekiso elihle nelihloniphekile, njengoba eMgungundlovana edilobheni khona umfanekiso wesilo Dinuzulu, indawo yase eMgungundlovana ingaphansi kweNgome, umphakathi wase Msinga naseMvoti ukhala ngohulumeni obusayo ngokuthi wabhixa abantu ngodaka emehlweni ngesichuse senkosi uBambatha, lendawo enomlando omkhulu kanjena, izivakashi ziyahluleka ukuhlonza ukubona umfanekiso wenkosi uBhambatha kamancinza Zondi,
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
