
IZakhamuzi zase eMabomvini ku Ward 13 zikhala ngengcindezelo kumasipala wase eMvoti ngokuhluleka ukuba nika usizo ngezinti ze Nework ezimbili ezingasebenzi. lezinti ziphakathi kwezigodi ezimbili iNzala naKwaDolo, IBunda izindaba, likhulume nelunga lomphakathi uNkambazimakuye Buthelezi uthe kudala belubika loludaba ngokuphazamiseka kwe Network, kodwa iziphathimandla zase eMvoti, azikaze zibuyise usizo kodwa ziyathalalalisa, ngikhuluma nawe mfowethu ngibuya edilobheni , kuzomele ngiyithathe ifoni ngiyifake emashalofini ngoba ayisebenzi nhlobo, mina ngusomabhizinisi manje ngigcina ngingakwazi ukusebenza, ngiphinde ngibhekane nenkinga yokuthi angikwazi ukuhlala nomndeni wami izinsuku eziningi ngoba kuyamoshakala emabhizinisini ami, kumele ngize ngiye Kranskop noma Greytown ngofuna network khona, kuphetha ilungu lomphakathi, khona manjalo leliphephandaba lishayele Usodolobha wase eMvoti uPhilani Mavundla kodwa ucingo belukhala lungabanjwa kuze kwashaya isikhathi sochicilela
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
