
UDivine Lungu ongumdlali wasemuva we Mamelodi Sundowns FC, ulindele isinqumo ngesasa lakhe ku Mamelodi Sundowns FC esizophuma ngaphambi kokuba kushaye iwindi lokuhweba ngabadlali. Lomdlali ulizwa ngendaba ijezi selokhu abuyela ku Mamelodi Sundowns FC ekade imbolekisile ku Golden Arrows, lomdlali ubanga indawo no Aubrey Modiba, Terence Mashego naye ongadlali njalo.
Ngokuthola komthombo osondelene nalomdlali, kuthiwa akasayizwa nhlobo indaba ye Mamelodi Sundowns FC kodwa usefuna ukuhamba kuleli qembu, ukhala ngokweqiwa yijezi, uyabona ukuthi kumele alinde uTerrence Mashego yena osalinde Aubrey Modiba okunguyena osadla ijezi, olibambe ngezandla zombili, iMamelodi Sundowns FC kwaphoqeka ukuthi idedele Lyle Lakay ukuvulela indawo Mashego, kunomunye umdlali okhona osalindile uSifiso Ngobeni naye osalinde umlala futhi
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
