BUKA| Idolobha laseMhlathuze lengeze abahlengi emabhishi

IDolobha laseMhlathuze lengeze abanye abaqhaphi bababhukudi emabhishi aseRichards Bay ukuqinisekisa ukuthi ababhukudi baphephile. Imeya yaleli dolobha, uMnuz Xolani Ngwezi, namuhla uvakashele amabhishi ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba ngendlela njengoba kushuba amaholidi kaKhisimusi. KuVidiyo efakwe ekhasini lwezokuxhumana lwenkhakha yentatheli yalapha eNingizimu Afrika, uSihle Mavuso ongu @ZANewsFlash kuX (twitter), kubonakala labaqaphi bekhombisa ukuthi bakulungele kangakanani ukubhekana nezinkumbi ezivakashela lamabhishi okuleli dolobha.

UNgwezi uphinde wanxusa imiphakathi kanjalo nabahwebi kulwamabhishi ukuthi baziphathe kahle futhi banakekele nendawo bayigcine ehlanzekile.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.