
I-ANC eKZN, amadlelandawonye nazo zonke izinhlaka zayo zibize isithangami sabezindaba eThekwini lapho kuzodingidwa khona udaba lobenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma kanye neqembu lakhe esisanda kusungulwa iMK Party (Umkhonto Wesizwe). Leliqembu selixhabhisele uKhongolose ngesisu esikhathini esincane lisunguliwe. Isithangami sabezindaba sizoba seThekwini kusasa ntambama.
Konke lokhu kusuke ngoba lowo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, wagxeka abaholi be-African National Congress (ANC) ngesikhathi ememezela ukuthi uzolishaya indiva leli qembu okhethweni ngo-2024 futhi avotele enye inhlangano. UZuma uveze ukuthi esikhundleni sakhe uzovotela iqembu elisanda kusungulwa – uMkhonto WeSizwe.
Leli qembu labhaliswa kwiKhomishini yoKhetho ekuqaleni kwalo nyaka futhi lizongenela ukhetho lukazwelonke lwango-2024. Lowo owayengumengameli uveze lokhu okumangazayo esithangamini nabezindaba e-Orlando East, eSoweto ngoMgqibelo. UZuma uqhubeke wathi kudingeka abone iNingizimu Afrika okhokho kanye nabo uqobo abayilwelwa futhi bayifela.
‘Kudingeka ngibone iNingizimu Afrika okhokho bethu abayilwela futhi bayifela” kusho uMsholozi. NgoMgqibelo, uZuma uveze ukuthi ngo-2024 uzovotela iqembu elisanda kusungulwa – uMkhonto WeSizwe. Leli qembu labhaliswa kwiKhomishini yoKhetho ekuqaleni kwalo nyaka futhi lizongenela ukhetho lukazwelonke oluzayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
