[IMIBONO] Iqembu le-ANC limoshile kuleli

Mhleli, Ibunda elethu, ngiumele ngilekelele ekusikeni IBUNDA. Mhleli nabafundi bephephandaba lethu esilithandayo IBUNDA, ngithi akengidlulise ukungaphatheki kahle ngenhlangano yami yezepolitiki, inhlangano yami engiyithandayo, inhlangano yami esingiphoxeke kakhulu ngayo kangangokuthi umuntu usesaba ngisho nokujgqoka isikibha sodwa lesi salenhlangano ngenxa yokwesaba izinto emataniswa nazop.

Inhlangano ye ANC isiphenduke inhlangano yezilelesi njengoba abaholi bayo bangamasela antshontsha emini kwaba. Lenhlangano yanqoba ukhetho ngonyaka ka 1994 ngamalengiso ngoba izakhamuzi zase Ningizimu Afrika zazinethemba lokuthi zizophuma ekuhluphekeni kwazo kweminyaka engamakhulu amahlanu eminyaka ziqhunqwa igcindezelo yabamhlophe kodwa lokho.

Kuqale ububha nezifo ezingalapheki njengoba kumanje abantu abasha abasebenzi ngoba awekho amathuba omsebenzi. Inkohlakalo idla izindwane njengoba igeleza minhla namalanga emazingeni aphezulu naphansi abaholi bayo bagqigqa izinkantolo kodwa ababoshwa ngoba bayazilawula. Umthetho kuleli awusebenzi kwabanemali nomangabe benze amacala amabi kanjani kodwa ngeke baboshwe.

Kumacala asedonse isikhathi eside kodwa akuboshwa muntu njengecala lika Senzo Meyiwa, esilidonse iminyaka eyisishiyagalombili. Kumanje lelizwe ligobhoza igazi njengoba kubulawa amakhosi, amakhansela, izinduna, izakhamuzi, izinkabi zibulala abantu namalungu omphakathi, kodwa uhulumeni ophethwe ngu ANC awuyisukumeli lendaba yokuvikela izakhamuzi zakuleli.

Kugcwele abantu bokuhamba kuleli abangekho ngokusemthethweni nabadala umonakalo omkhulu kulelizwe njengoba bethengisa izidakamizwa, namuhla kuleli kunemhamba ema ezitaladini zamadolobha kuleli.

Amadolobha ahlukene kuleli asephenduke izidleke nemigede yemigulukudu, umhlaba usaphethwe ngabamhlophe nabalimi bayabulawa, nemboni yamatekisi igeleza igazi kodwa uhulumeni unamasosha namaphoyisa kodwa awukho umsebenzi wabo ngoba baqedwe amandla okusebenza, amaphoyisa aphenduke imgulukudu yezigebengu.

Sihle Magwaza – Ulundi KZN


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.