
Sekusabalale i-video yeMeya kamasipala wendawo iKopanong eFree State isongela isakhamuzi ebesikhala ngemigodi emigwaqeni endaweni, ezinkundleni zokuxhumana uFacebook. Kuvidiyo esabalale ezinkundleni ibonakalisa iMeya igasele emzini wesakhamuzi ihamba nomlisa okukholakala ukuthi ungumqaphi wayo, bathuka lesisakhamuzi phambi kwezingane ezincane ezibonakala kuyolevidiyo kaMeya.
IMeya yaloMasipala iKopanong eFree State, ibonakale nje ukuthi ukube ubengekho obeqopha loludaba, ngabe imtshengise ezibukwayo lomlisa, obekubonakala nje ukuthi lesi sigameko simethusile ngoba ibangakulindele lokhu okuyehlelayo.
@ibunda_za #ibunda BUKA: Izifikele iMeya kusakhamuzi ebiskhalaza #ibundaizindaba #ibunda_za #ibundanews ♬ original sound – ibunda_za
IMeya ivakashele isakhamuzi emzini waso yakhipha izinsongo ngesikhathi iphendula isikhalo salesi sakhamuzi kuFacebook mayelana nemigodi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
