Kunuka iphunga lomoya wamanqa ku ABC

Inhlangano ye-ABC ikhungethwe yinkanankana yezinkinga njengoba uhlangothi oluholwa ngu Bhungu Gwala selukhiphe isitatimende sokuhoxiswa ka Nksz Phumelele Phahla ongunobhala walenhlangano ehaqekile yizinkinga ezigcwele igama lenhlangano namalungu enhlangano nama board room akhona, lenhlangano yaqalwa ngu Philani Mavundla ongusodolobha kamasipala waseMvoti . lezinkinga zenhlangano ABC kubonakala ukuthi ngeke zisalungiseka njengoba sezichaphazeleka kwizakhamuzi zase Mvoti njengoba abantu abayizakhamuzi zakhona ,intuthuko ziyizwa ngendaba njengomshado ka Mariah no Joseph ebhabhelini, lomkhandlu usuphenduke umgede wamanqa njengoba ungenalo uzinzo, izinhlangano zepolitiki ziyaphuma ziyangena kodwa alikho uzinzo, lomasipala unothile ngezolimo kodwa ipolitiki iqeda ubuhle boMvoti, izakhamuzi zase Mvoti zibulawa ngububha, njengoba amathuba omsebenzi awekho. nobugebengu budlangile kakhulu ngenxa yendlala,idolobho lase Greytown selaphenduka ibhuqu lezimbongolo njengoba limagqobhogqobho imigwaqo, izithembiso namanga nenkohlakalo ihamba phambili kulomasipala oholwa yi ABC, khona manjalo uSibusiso Mbusi uxwayise Nksz Phumelele Phahla ongunobhala walenhlangano ukuthi angaphinde azihlanganise nemviliyelo yeqembu, angaxhumani ngisho nelilodwa ilungu leliqembu, nobulungu beqembu bayabunqamula,


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.