
UMfundisi Vusi Dube webandla laseThekwini, i-ECC ubhodlele abaphathi bomsakazo uKhozi Fm ngesikhathi enikezwe ithuba lokukhuluma emgcwabeni wobengumsakazi uIrvin Sihlophe. UDube ulimise ngembaba ukuthi akasulaleli uKhozi FM ngemuva kokuxosha uLinda Mr Magic Sibiya, wathi ayikho lento yokuthi luhamba phambili ngokunganakekeli Irvin Nyama ayishe Sihlophe odlule emhlabeni esiyinhlwa kodwa esebenza khona.
“Njengoba besehola imali engange ye Rent, uSihlophe udlule emhlabeni ekhala ngosizi lwenkece ekade encishwa ngabaphathi bokhozi fm njengoba bamphendula umantunta nendishi” kusho uDube. USihlophe wasebenza ekushayeni uhlelo lezenkolo umuntu omusha noNkulunkulu, waxoshwa wathathwa ngu Joe Hudla onenhliziyo enhle ongenamona.
Wadidiyela ezemidlalo ezahlukene, wahamba uHudla, ngemuva kwalapho kwaqala kabanzima kuyena, kodwa uThanda Ndlovu baphathana kahle, indaba iqale lapho sekuphethe Victor Mpho Molefe lapho kwavela khona ukuthi abezwani, wagcina ngokuthi akhishwe ohlelweni lwezimidlalo, lapho besekunzima ngisho ukuya ezinkundleni ezemidlalo ngenxa yalesimo akade ebephila ngaphansi kwaso.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
