
Mhleli ngibengelele kwelakho esilisika ngiso bethini. Mhleli ngithi ake ngibuze nje ukuthi ngoba sekuvele imibiko ekhombisa ukuthi izikhungo zemali kanye nezinye izinhlangano beziphazamisa ukuhweba kweRandi ngenhloso yokulinqunda amandla ngesikhathi kusaphethe lowo owayengumMongemeli uMnu Jacob Zuma. Lembiko engishiye nembibuzo eminingi, eminye yalemibuzo ithi bahpi laba ababekhuluma kuze kusuke amaduku emakhanda (kwazisholo Indidane, umfoka Gcwensa lala ngokuthula bhuti omdala).
Ngisho ngoba ngibuna ukuthula kwe-DA, i-ActionSA, izinhlangano ezizimele ezifana ne-OUTA, CASAC, HSF, SaveSA kanye nezintatheli njll, bengayithi vu le eyophazanyiswa ukusebenza kweRandi okwakusolwa uJacob Zuma?
Ngikuluma nje kwaze kwakhiwa umkhankaso othi “Zuma Must Fall”, uma ukhumbula lomkhankaso wasulwa emvva kokuthi uMongameli uZuma “ekuxoshe” uNhlanhla Nene njengoNgqongqoshe wezeziMali ekuqaleni kukaZibandlela, zaqala lapho ke iziphithiphithi zokuwa kwe-Randi futhi lalahlekisela umnotho omkhulu ngokwezimali.
Mhla ziyi-16 kuZibandlela, uSuku Lokubuyisana, kwabanemamashi emadolobheni ahlukene ukuze abantu bakhombise ukucasuka kwabo ngesinqumo sikamengameli nokungeneliseki ngobuholi bakhe.
Konke lokhu kukutshela konke okudingeka ukwazi. Abanazo isimilo, bakhuluma nje ngonxiwankulu. Ngiyabonga
Langalakhe Mkhize – Empangeni
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
