
IBafana Bafana inyukele esicongweni ku-Group C ngemua kokuqotha iBenin ngo 2-1 ngoMgqibelo.
Lamaqembu abetholene phezulu enkundleni yezemdlalo iMoses Mabhida Stadium, eThekwini, emdlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Eqinisweni, iBafana bekufanele izititinyele nje kuzivakashi, kodwa yamosha inqwaba yamathuba okushaya amagoli. Umqeqeshi uHugo Broos kuzomele abaphushe kanzima abadlali bakhe emidlalweni yabo elandelayo ngoba umehluko wamagoli uzoba neqhaza elikhulu uma sekunqunywa iqembu ekugcineni.
UPercy Tau uvule igoli ngomzuzu wokuqala eqhulula ibhola phezu kukanozinti waseBenin, uKassifa Allagbe. Lokhu kulandela umsebenzi omuhle kaTeboho Mokoena maphakathi nenkundla, odedele iphasi elimnandi elisika inkundla yaseBenin. Kwase kuthi uKhuliso Mudau wakhuphinda wabhakuzisa inethi kulandela iphutha lika-Allagbe ngesikhathi kuyiwa ekhefini.
Kuthe ngesiwombe sesibili i-Bafana ibambe ibhola kodwa ayizange izihluphe izivakashi, i-Benin ibe isiqala ukuhlasela futhi yehlisa okushodayo ngesikhathi u-Steve Mounie eshaya igoli nge-half-volley ehlanzekile.
UTau ulahle amathuba ambalwa abezonika winisa ntofontofo iBafana, kodwa-ke, ukusebenza kwakhe sekukonke bekwanele ukuthi athole ukuhlonishwa njengomdlali ovelele.
Iqembu lase-Benin lizohlala eThekwini lilinde ukusingathwa yi-Lesotho emdlalweni wayo wesibili kuGroup C ngolwesibili njogoba i-Lesotho iqoke ukusebenzisa iMoses Mabhida emdlalweni wayo wabakhaya njengoba iSetsoto Stadium, eMaseru, ingasafinyeleli ezingeni leFifa.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
