
Mhleli kwelakho esilisika njalo ekuseni nasemini, ngithi angiphawule ngibuze bonke laba abakhuluma kabi ngoMsholozi, ngithi njengobe sekuelile ukuthi i-Randi belisetshenziswa amabhange kanye nezinye izikhungo zezimali ukulinqunda amandla ukuze zicekele phansi umnotho ngamabomu gnesikhathi kusaphe uNxamalala okuyisenzo esifaniswa no-Ukuvukela umbuso uqobo lawo.
Kepha konke lokhu obesingazi ukuthi uZuma ubebhekene nakho, kodwa Izikole, izibhedlela, imitholampilo, imigwaqo besikubona kwakhiwa. Izakhamizi eziningi zazinemisebenzi, uphethiloli nogesi wawuthengeka.
Lapho abantu bekhokhelwa ukuthi bamashe ezitaladini; banikezwe izingqwembe zokumemeza izinto abangazi lutho ngazo, kusekhona ukulethwa kwezidingo. Akukholakali ukuthi uMengameli Zuma wama waqina kanjani ngesikhathi ehaqwe izinyoka, amangwe, izingwenya. Akukholakali.
Norma Xaba – Nquthu
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
