I-IEC ikhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babhalisele ukuvota

Ukuvulwa kwazo zonke iziteshi zokubhalisa kule mpelasonto kunikeza ithuba elilinganayo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bafinyelela ohlelweni lokubhalisa abavoti. Izimpelasonto zokubhalisa, njengendlela yokubhalisa zisinikeza invuzo omkhulu kakhulu yokubhalisa uma iqhathaniswa nezinye izindlela.

“Ngakho-ke, kule mpelasonto ngesilinganiso esithile, le mpelasonto izophinda isinikeze umsebenzi obalulekile wokubhalisa.” kusho i-IEC

Imiphumela yeCensus 2022 esanda kukhishwa ibonisa ukuthi inani labantu bethu selikhule lafinyelela ezigidini ezingu-62, kanye nenani labantu abaneminyaka yobudala elinganiselwa ezigidini ezingu-39.7 . Uhlu lwabavoti njengamanje limi ezigidini ezingama-26.2, olumele amaphesenti angama-66 abantu abalinganiselwa eminyakeni yobudala yokuvota. Sisondela kule mpelasonto yokubhalisa ngenxa yesidingo sikazwelonke sokwandisa ukufakwa kohlu lwabavoti kuzo zonke izigaba.

Kunxuswa abantu baseNingizimu Afrika abaneminyaka eyishumi nesishiyagalombili kuya phezulu, okuhlanganisa nabangenamakhaya, abangabhalisanga ukuvota. Iziteshi ezweni lonke zizovulwa kusukela ngehora lesishiyagalombili kuze kube ihora lesihlanu kusihlwa kule mpelasonto.

Kuze kube manje, ngaphezudlwana kwesigidi imisebenzi esetshenziwe nge-IEC’s Voter Portal, lapho abangaphezu kuka-400 000 babhalisele ukubhalisa abasha.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.