
UMkhandlu wesiFunda Umzinyathi neMikhandlu engaphansi kwawo okubalwa kuwo uMkhandlu waseMsinga/Msinga Municipality, bebehlangene endaweni yase Solomon Linda ezinkundleni zemidlalo ukuzokwethulwa ngokusemthethweni kwenhlangano elwiswana nokwebiwa kwemfuyo.
Ngokusho kuka Cllr Kunene ongumholi wesigceme 19 emkhandlwini waseMsinga ophinda abe nguSomlomo eMkhandlwini wesiFunda okungu Umzinyathi District Municipality ,uthe lenyuke kakhulu izinga lokwebiwa kwemfuyo ,uphinde wathi lokhu kuyisenzo esibi. “Kubuhlungu kabi ukulakelwa impahla yakho ithathwe yisandla somunye umuntu” kuchaza uCllr Kunene. Uphinde wathi imibiko yokulahleka kwezimpahla itholakala usuku nosuku ,kanti uphinde wabalula nokuthi zikhona izinhlaka ezilwisana nobugebengu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
