
IMEYA kaMasipala wasOndini uMnu Wilson Ntshangase uvakashele isikole i-Dikane High School eyokhuthaza abafundi ababhala izivivinyo zikamatikuletsheni kwazise naye wafunda khona.
Ukhuthaze abafundi ukuba babhale kahle izivivinyo zabo wancoma ukuthi ngonyaka odlule kuso lesi sikole kwaba nomfundi owaphasa ngamalengiso waba yingxenye yabafundi babafundi abayishumi abaphuma phambili Ondini ngokuphasa kahle waklonyeliswa uMasipala.
“Ngifunde lapha ngo 1985 abanye benu babengakazalwa okubalwa naye uThishomkhulu ophethe kumanje uMnu uZulu. Ngizokhuthaza abafundi ukuba babhale kahle baphakamise igama lalapha eDikane ,Ulundi lonke nesifundazwe sonke iKwaZulu Natal nezwelonke. Bengingeke ngifike ngivathazela ngithe angiphathe okuncane okuzosiza izingane njengoba ngizwile ukuthi sezilala lapha esikoleni zifundela ukubhala izivivinyo zazo. Uma niphase kahle nonke ngonyaka ozayo ngizobuya lapha ngilethe isheke njengoba sikwenza minyaka yonke ngenhloso yokunikhuthaza.”kuphawula iMeya uMnu uWilson Ntshangase.
Uthishomkhulu walesi sikole iDikane uMnu uSifiso Zulu ubonge Umasipala wasOndini ngokunyathela emagcekeni alesi sikole. “Kuyasijabulisa ukubona ubuholi bukaMasipala uMeya, iSekela lakhe,Amakhansela nabasebenzi befika lapha eDikane. Lokhu osiphathele khona Meya wethu kuyasijabulisa kakhulu njengoba sazi sonke ukuthi kunezingqinamba eziningi esibhekene nazo ezikoleni izingane zilambile imali ayikho. Ngibonga othisha abasebenza ngokuzikhandla befundisa ebusuku nemini bengabheke nkokhelo ngesikhathi sabo okufanele ngabe basichitha nemindeni yabo bekhethe ukuza lapha.”
UMnu uBhekisisa Khanyile oyilungu lesigungu sabazali sokuphathwa kwesikole ukhale ngoMnyango wezeMfundo esifundazweni ongenzi kahle ekulekeleleni izikole ikakhulukazi ezasemakhaya. “Uhulumeni awenzi kahle , awuyifaki imali ezikoleni, uma kwenzekile uyifaka amaconzu conzu ezinye izinto azenzeki ngendlela. Ngibonga abazali ngobambisana ukuzama ukulekelela abafundi bethu. Okwenziwe uMasipala wasOndini ngiswele amazwi okubonga azinkulungwane.”
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
