
UBUYELWE ithemba umphakathi wasoDebedebeni kuWadi 1 ngaphansi kwaMasipala waseMsinga, ngesikhathi kutheleka ithimba elithunywe nguMhlonishwa Meya WesiFunda uMzinyathi u-Ald PMS Ngubane kanye ne-Consultant ebizohlola umsebenzi wokufakwa kwamanzi ozokwenziwa kule ndawo. Lomphakathi obese kunesikhathi ulinde ukuthi kuqedelwe umsebenzi obusuqaliwe uthi bayabonga kumhlonishwa meya ngokusukumela phezulu athumele ithimba elizobheka lomsebenzi.
Umhlonishwa Meya uthi okuzokwenzeka kule ndawo kusuka manje bazokwethula usonkontileka ngokusemthethweni ushe umsebenzi wokufakwa kwamanzi. “Asinaso isikhathi sokudlala nesokunaka abantu abasigxekayo kodwa sithuthukisa abantu bakithi. Sibonga lo mphakathi ngokubekezela kwawo, nakuwe esingakafiki kuwena siyeza,” kusho imeya.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
