
Bekuwusuku lokugcina namhlanje lwabasebenzi bakaMasipala was-Ondini kanye namakhansela njengoba kade befunda izifundo ze-Municipal Financial Management zika NQF Level 6 ngokugunyazwa u-SAQA 48965 – enama-credits awu-166. Lolu ngolunye lohlelo lukaMasipala wasOndini lokulekelela abasebenzi ngokuqonda kabanzi ngokusebenza kaMasipala kanye nokusebenza kwezimali.
Imeya kaMasipala wasOndini uMnu uWilson Ntshangase ubongele kubo bonke abakwazile ukufunda kusuka kwaqalwa kwaze kwafika usuku lwanamhlanje lokuphothula izifundo lezi. “Imfundo ibalulekile kuwo wonke umuntu futhi kuyashiwo ukuthi ayikhulelwa. Kuyangithokozisa kakhulu ukubona nozakwethu Amakhansela eyingxenye yalaba abafundile baze baqeda. Lokhu kuzobalekelela kakhulu ukuqonda kabanzi ngokuphathwa kuka Masipala kanye nezinqumo ezithathwayo uma kuhlangene umkhandlu. Ngibahalalisela bonke ngokuphothula lezi zifundo.”
Imenenja kaMasipala wasOndini uMnu uSandile Khomo uthe lokhu okwenziwa uMasipala kubalulekile kakhulu kubasebenzi nawo Amakhansela. “Kuwumgomo kaMasipala ukuthi kube khona izinhlelo ezifana nalezi ezizokwazi ukuthuthukisa ulwazi lwabasebenzi bakaMasipala kanye namakhansela ethu. Kunabanye abakade befunda bazokwetheswa iziqu nabo eGoli mhlaka 23 kuyo lenyanga. Kuyasithokozisa ukubona abasebenzi bethu bethatha lamathuba afuze lawa ukuthi bafunde bawemukele ngezandla ezimhlophe bafunde baze baphothule.”
Uhlu lwabaphothule izifundo zabo ze Municipal Financial Management zika NQF Level 6 :
- Fisokwakhe
Dlamini - Mzwandile
Buthelezi - Cebo Thabani
Buthelezi - Thandoluhle Sphelele
Manqele - Sifiso Sithembiso
Madela - Simphiwe
Siwela - Lungisile
Mathabela - Zamani
Makhoba - Nolwazi
Mlambo - Zwelakhe Nkanyiso
Mpontshane - Busisiwe Ntombenhke
Dubazana - Londiwe
Mbatha - Similo
Khanyile - Lucy Kkulumokukhona
Biyela - Themba
Ndlela - Nana Cynthia
Zulu - Skhumbuzo M
Khuzwayo - Khulekani C
Zungu - Lindokuhle
Xulu - Mziwakhe Raymond
Dubazane - Mnyakayifani
Magubane - Siphokazi
Ntshingila
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
