
UPhumlani Mkhize owadlala kumaqembu amabili i-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs, ubona Orlando Pirates inamathuba ancono kakhulu kune Kaizer Chiefs. Ngibona ukuthi i-Orlando Pirates izowunqoba lomdlalo ngegoli elilodwa. Ebuzwa ngokuthi ubani unozinti ku-Kaizer Chiefs, “…engaqala ngaye uphakamise igama lika Itumeleng Khune ngoba unesipiliyoni kulomdlalo womkhaya” kusho Phumlani Mkhize.
Lomdlalo ubhekwe ngabalandeli bebhola emhlabeni wonke njengoba kuzoba kutholene izinkunzi zebhola lakuleli, lamaqembu anomlando omude kakhulu ebholeni. Lamaqembu azohlangana okukuqala kulesizini njengoba ezotholana kusasa FNB Stadium ntambama, azodlala lomdlalo ehambela phezulu njengoba anqobile emdlalweni wawo wokugcina-Kaizer Chiefs inqobe-Cape Town Spurs ngo 3-2. I-Orlando Pirates yona inqobe i-Sikhukhune United ngegoli elilodwa. Umhlehluko ukuthi ebhentshini le-Kaizer Chiefs kuzohlala uCavin Johnson, ozohlala okukuqala kowomkhaya kanti uJose Riveiro useke wahlala ebhentshini kowomkhaya.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
