
UMlungisi Professor Ngubane ukholwa ukuthi Mabhuti Khenyeza engafinyelela kowamanqamu e-Carling Knockout Cup. “uMabhuti uyawazi umsebenzi wakhe njengoba abadlali abaqeqeshayo bezikhandla kakhulu, umdlali we Golden Arrows umbona ngisho eliphethe ibhola ukuthi uyalazi ukuthi uzoliyisaphi, labadlali bamile bomele ukunqoba inkomishi” kusho Ngubane. Khona manjalo i-Golden Arrows yagcina ukunqoba MTN 8 Cup ngo 2009 ngaphansi komqeqeshi Manqoba Mgqithi, Mandla Ncikazi, Vusimuzi Kanu Vilakazi bangabaqeqeshi abenze umsebenzi omuhle kakhulu, AmaZulu FC azohlangana phansi phezulu ne-Golden Arrows ngomgqibelo emdlalweni we Carling Knockout Cup eMoses Mabhida Stadium. Ingabe AmaZulu FC azoliphula yini ilekhodi lika Mabhuti Khenyeza longashaywa emdlalweni emhlanu? impendulo izoba ngomgqibelo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
