
UMbulelo Mabizela uthi babemehlisa isithunzi sakhe akazi noma kwabe kukhona ababanesandla yini ngoba wayephumelela ngokushesha. UMabizela uyavuma ukuthi ukungaziphathi kahle ngaphandle kwenkundla kwadala ukuthi alahlekelwe ngumsebenzi kwi Tottenham Hotspur yase-England. UMabizela kukhona okuhle akwenzile empilweni yakhe njengoba ubengumdlali osebenza ngokuzikhandla njengoba waqala ukugqama kakhulu emdlalweni ye-Nedbank Cup, lapho wadonsa amehlo e-Orlando Pirates, lapho wayengu kaputeni we-Maritzburg City. Wagcina ngokuthi asayine ku-Orlando Pirates. Akahlalanga isikhathi eside wagcina esengu Kaputeni wayo, waphinda waba ngu kaputeni we-Bafana Bafana omncane kunabobonke okaputeni ngalesosikhathi wayeneminyaka yobudala engu 22. Amaqembu adlala kuwona uwasize kakhulu njengoba igalelo lakhe belibonakala kakhulu njengoba ubewashaya amagoli aphinde avimbe abagadli, omunye wabagadli abhekana naye ngu Christiano Ronaldo wase Portugal.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
