Ubumqoka kokwethiwa igama lomdlali kusho lukhulu kuyena nakubalandeli

UStan Screamer Tshabalala ukholwa ukuthi ubumqoka kokwethiwa igama lomdlali kusho lukhulu kuyena nakubalandeli, mina ngaqamba Oupa Manyisa ngoba ngibona engikhumbuza Ace Ntsoelengoe no Ace Khuse, ngoba bayathula bakhulimisa ibhola kuphela no Manyisa uyathula kodwa ukhuluma ngebhola. Abadlali kuleli bebeqanjwa nangabalandeli njengoba beqonda ikhono lomdlali enkundleni, manje abadlali bethu sebefana nabase Europe njengoba ngeke ubone kuthiwa unegama aliphiwe ngabalandeli. nabadlali bethu abadlali ngokusigculisa enkundleni bayashisa umdlalo owodwa owesibili uyabanda kanti abadlali bakudala babeshisa isikhathi eside kuze kuphele isizini ngaphandle mangabe engahlushwanga ukulimala wayehlelwa yizinga. abadlali abaduma ngamagama singabala Joseph Nyakanyaka Mlaba AmaZulu FC, Andries Chaka Chaka Mpondo Moroka Swallows Ltd, Vusi Computer Lamula Kaizer Chiefs, Jan Malombo Lechaba Kaizer Chiefs, Albert Ayashisa amateku Mahlangu, Nicolas Bazooka Seshweni Orlando Pirates, Joseph Manelo Rapelego Moroka Swallows Ltd, ikhono lomdlali enkundleni yilona elimnika igama kodwa mangabe engashisi ngeke alithole igama uyohlale ebizwa ngegama lase khaya aliqanjwa ngabazali bakhe.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *