
Ngokuthola komthombo we IBUNDA oncinzwe indlebe ngu Eshele Botende ngonozinti obamba ngisho impukane ogamalakhe lingu Nathan Mubruki Pembe, leliqembu seliqalile lixoxisana ne Motema Pembe ngenhloso yokuthi badayiselana. abaphathi bamfuna ekhaya lezimpofana Naturena ngo January, leliqembu lezimpofana lixakekile ngonozinti njengoba bevuza bonke emapalini manje akekho oncono kuyesinda kakhulu. njengoba Brendon Petersen uhlezi nethunzi lokudlisa Kaizer Chiefs ngamagoli awapha izimbangi. uqale ukugqama kakhulu emdlalweni we Dstv Premiership bedlala ne Mamelodi Sundowns FC waphinda bedlala nayo Mamelodi Sundowns FC ku MTN 8 Cup nakhona wayipha emdlalweni we Dstv Premiership uphinde wapha Golden Arrows igoli. maqede wangazisola ngalokho njengoba nomqeqeshi obambile Cavin Johnson uvele wamvikela kodwa uyamazi ukuthi uyayidlisa Kaizer Chiefs njengoba kubona nempumputhe ukuthi lonozinti useyiqedile, Itumeleng Khune yena ungenelwa ngamagoli umdlalo ngomdlalo ngenxa yodonga lasemuva oluvuzayo, Bruce BVuma kubonakala ukuthi uhlulekile ukuhlwitha ijezi kulabonozinti njengoba edla ama ice, Bontle Molefe naye akathembisi nhlobo ukuthi uzolithatha ijezi njengoba engalitholi nhlobo, umlando ngonozinti we Kaizer Chiefs ijezi ulithatha komunye eneminyaka engu 16 njengoba sabona Brain Baloyi,Itumeleng Khune.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
