
UMeya wase Mhlathuze Xolani Ngwezi usephendulile inkulumo ka Bheki Mtolo ongunobhala we ANC KwaZulu-Natal . Ngwezi uthi akahlukane nokuhamba engcolisa igama lomkhandlu wase Mhlathuze ngalamampunge amakhungethe engqondweni yakhe njengoba enesiso samampunge sokungcolisa lomkhandlu. umasipala wase Mhlathuze ngomunye othathwa njengonothile kakhulu ku lesifundazwe saKwaZulu – Natal. ngaphambilini lomasipala ubusezandleni zenhlangano ye ANC nephumile ngemuva kokhetho lohulumeni basemakhaya, ANC KwaZulu-Natal izama ngandlela zonke ukukwakha ibala elimnyama ngalomasipala njengoba bewubhixa, khona manjalo IFP isanda kuqoqa kwasani njengoba bekunokhetho lokuchibiyela ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal, nalapho abantu bekhombise khona ukuthi bayayethemba.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
