
UNOBHALA WE-ANC eKZN, uMnuz Bheki Mtolo, ushiye libomvu ikhanda kumakadebona weqembu lakhe, uMnuz Derek Hanekom, osanda kubuza ubuhlakani bokusebenzisa owayenguMengameli Jacob Zuma ukukhankasela iqembu elibusayo ekubeni ebhekene nezinsolo ezibucayi.
UMtolo ushiya angalazi nje kumakade ebona we ANC, lokho kusho ukuthi izinkinga ze ANC ziyaqonga njengoba kunongaboni ngasolinye kwabaholi bayo. Kuzokhumbuleka ukuthi ANC isinxenxe omakade bebona bayo ukuthi bangenelele ekusizeni lenhlangano esiphelelwe ngushatini njengoba abantu bengasayithembi nakancane njengoba lelizwe ligwiliza ezikweletini namathuba omsebenzi awekho, nobugebengu budla lubi kakhulu, lohulumeni oholwa ANC usuhlulekile wancama ukuhlinzeka izidingo zezakhamuzi zalapha eNingizimu Africa.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
