ABAPHANSI BAVELA KWIMIZULANE YESIKHAFULA

Imizulane yesiKhafula Mlilo (draco constellation)

Uma kukhulunywa ngabaphansi, lapha kusuke kukhulunywa ngezidalwa ezivela kwimizulane yesiKhafula Mlilo (draco constellation) maningi ama planets atholakala lapha kwi draco constellation, kanti futhi lezidalwa ezitholakala kulemizulane ziyizinhlobo ngezinhlobo, zonke lezidalwa zingena ngaphansi kwesigaba se Reptillian race. Abaphansi uhlobo oluthile lwezidalwa olwadingiswa kulemizulane, lezidalwa zadingiselwa lapha eMhlabeni. Lezidalwa zathi uma zidingiselwa emhlabeni zanquma ukuhlala ngaphansi komhlaba, kunezindawo ezithile noma kunemihlaba ethile engathintwa noma okungayiwa kuyo ngenxa yokuthi lezo zindawo zinabanikazi bazo.

Abaphansi bayatholakala kakhulu ezizibeni ezithile noma endaweni enama minerals njenge igolide, ilahle, ne diamond yikho nje abelumbhi abalawula uMhlaba bezazi lezinto, ezimayini Abaphansi babuye babizwe ngezikelemu zoMhlaba. Abaphansi bakhona naseziNtabeni nasemahlathini athile, yingakho uyake uzwe kuthiwa leyandawo inabanikazi awuthintwa umhlabathi wayo noma akuyiwa kuyo imiphumela yokuthi lemimoya ikhona kuleyondawo ibonakaliswa izinto ezithile uma uke waya kuleyo ndawo.

Abaphansi bayakwazi ukuziguquguqula bezenze isilwane esithile kungaba iNkomo, inyoka noma kube umuNtu. Abaphansi njengoba badingeselwa lapha emhlabeni, baphila ngokudla i-Energy yomuNtu kakhulu uma sixabana siphatheke kabi silwa lezidalwa zabaphansi ziyajabula, kokunye Abaphansi baziphilisa ngegazi. Isibonelo uma kuke kwenzeka kwaba nengozi embhi emgwaqeni enyantisa igazi kusuke kuyiyo lezidalwa, zisuke zizenzela zona ngokwazo umhlabelo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *