
INHLAWULO: Usuke ugeza umuzi wendoda lo osuke usungcolisile ngokumithisa ingane yomnomzane ungayilobole, lokho akusho neze ukuthi usungathatha ingane uyibize ngesibongo sakho, cha! Ingane izobiza isibongo sasekhakonina kuze kube ukuthi wenza izimfanelo ezidingekayo uma usufuna ingane ibize isibongo sakho, lokho okwehluke kakhulu ukuhlawula.
Inhlawulo ihamba kanje:
1.ISIDIKLI: inkomo yenqguthu kamama kanti lenkomo ayingeni ekhaya ihlatshelwa ngaphandle komuzi iphekelwe khona idliwele khona ngaphandle iyoze iphelele lapho kunikwe nabantu abadlula ngendlela.
Okumqoka: okumele ukuqaphele ngesidikli: (A) isidikli asidliwa umuntu wesilisa nhlobo. (B) isidikli asidliwa umuntu oseyintombi, sidliwa amaqhasha, amaqhikiza, now’mama, now’gogo kuphela.
2. ISIKHUMBA: Lena inkomo kababa yesibaya, lenkomo ayibulawa iyafuywa iyona nhlawuloke le for ukungena esibayeni sendoda ngokungekho emthwthweni.
3. IMBUZI yokugeza iy’ntombi lezi osuzingcolisile ngokuba nomusa ngenkomo kanyoko nesibaya sikayihlo.
4. IMBUZI 2: Lembuzi ikhishwa iyona ntombazana ezalele ekhaya, iyinike uyihlo akayokucelela ngayo ushwele emsamo for ukuzalela ekhaya cause kahle hle umuntu wesifazana kumele azalele kwakhe emendweni ngoba kuyichilo KwaZulu ukuthi ngathi umama wakho eganile lay’khaya kumele ngabe wuye ophusha isisu lay’khaya bese kuthi nawe uyintombazana lay’khaya nawe uzoqhuba isisu kuwukuthuka uyihlo now’bhuti bakho lokho uzaliswe uma ngoba phela wena useyintombi lay’khaya ungcolisa umsamo wakini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
