
Umqeqeshi we TS Galaxy Sead Ramovic uncoma iqhaza elimqoka elibanjwe yiSAFA lokuthuthukisa abaqeqeshi bakuleli. Lokho kuzosiza kakhulu ukukhuphula izinga ngisho kubafana abaneminyaka engu 21 ngoba bazovuthwa baqonde indlela yokudlalwa kwebhola lomhlaba. Lomqeqeshi onganqeni ukukhuluma ngento esuke ingamphethe kahle, kuzokhumbuleka ukuthi lenhlangano ephethe ibhola lakuleli, isanda kumemezela ukuthi abaqeqeshi bazothola ithuba lokhuphula izigqu zokuqeqesha ze CAf.
Lomqeqeshi wase Serbia wake wagxeka iSAFA ngokunganikezi ithuba lokuthuthukisa abaqeqeshi , ngaphambili lenhlangano yamane yayekelela abaqeqeshi ukubathuthukisa njengoba abaqeqeshi abaningi abanazo izigqu ezidingakalayo zokuqeqesha, ngasiza kakhulu nasemazingeni aphansi ngoba ngasiza kakhulu ukuthi lithuthuke kakhulu ibhola.lomqeqeshi ubekhuluma ne Mpempe. Com ngemuva komdlalo wamqamu we Carling Black label Knockout Cup, eMoses Mabhida Stadium ngomgqibelo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
