Ukhala ngebhadi elamehlela lokungayi phesheya kwezilwandle ngenxa yokulimala

Ukhala ngebhadi elamehlela longayi phesheya kwezilwandle ngenxa yokulimala uSipho Sephadi owengumdlali weJomo Cosmos, obekudalwa ukungaqini ngomuthi njengoba uBaba wakhe bengamtshelanga ngalutho ngomuthi noMama wakhe wayesebenza Saudi Arabia engunesi khona. “Ngaklunyuka idolo amahlandla amabili ngingedwa, ngangithole ithuba lokuyodlala Italy njengoba izinhloli zakhona zangithanda zingibona ngidlala ku Jomo Cosmos kodwa kwathi sekumele ngihambe ngemuva komdlalo we Jomo Cosmos ne Mamelodi Sundowns FC, ngalimala kulomdlalo uJomo Sono wangitshela ukuthi ngiyidlale ngempela lomdlalo ngamane ngaklunyuka idolo lashabalala kanjalo iphupho lami lokudlala Italy” kunaba uSipho, ohlale isizini yonke engadlali ibhola elimele, abadlali abaningi bathola amadlelo aluhlaza abanye phesheya kwezilwandle abafana no Tico Tico, Goelfry Sapula, Vusi Mcwango, Teboho Mokeana, Benjamin Mwaruwaru, Jomo Sono wagcina esengitshela ukuthi ngidlozi lalapha Cosmos, Sipho Sephadi waqala ukugqama ebholeni elikhokhelwayo ku Wits University, bengomunye wabadlali abaqala bethembisa kahle ebholeni kodwa ukulimala kwelimaza ikusasa lakhe ebholeni njengoba washeshe waliyeka ibhola. Sephadi wayehamba ezinyathelweni zika John Shoes Moshoeu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *