
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aseqinisekise ukuvulwa kwamacala amabili ahlukene kulandela isigameko lapho indoda ihlaselwe yinja yohlobo lwe-pit bull, yalimala kanzima eWestville, eThekwini, ngoLwesithathu olwedlule.
Okhulumela amaphoyisa aseWestville, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, uthe kuvulwe icala lokudedela izinja budedengu okanye ukwehluleka ukuvimbela isilwane ukuthi sidale umonakalo, kulandela isigameko esenzeke ku-Koningkramer Avenue ngomhlaka-18 November.
“Kubikwa ukuthi le ndoda ibibudlula ngaophandle komuzi ngesikhathi ihlaselwa yizinja ezintathu. Le ndoda eyathola amanxeba amabi yaphuthunyiswa esibhedlela ukuyothola usizo lwezokwelashwa,” kusho uMagwaza.
Amaphoyisa aphinde aqinisekisa ukuthi umnikazi wezinja, uCarmen Alexander, naye uvule amacala afanayo abhekene nendoda elimele, ogamalayo nguSizwe Doncabe, okuyicala lokuhlasela kanye nelokungena endaweni yomuntu ngokungemthetho.
Ngokusho kukaMagwaza, owesifazane oneminyaka engu-34 ubudala kuthiwa ubephuma nodoti wakhe ngesikhathi kuqhamuka indoda enmgaziwa isondela kuye kule ndawo.
Le ndoda kuthiwa yamlandela yangena egcekeni lakhe, lapho yahlasele khona yizinja zakhe. Kuthiwa futhi le ndoda yabamba lo wesifazane ngesikhathi izama ukuzivikela ezinjeni.
Lesi sigameko saqoshwa yikhamera esemotweni (dashcam), kanti i-video yaso isisabalale kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.
U-Alexander uphikise incazelo kaDoncabe ngalesi sigameko, ethi wayelandela yena wangena endaweni yakhe yize ayexwayisile ngokuthi unezinja.
Uthe ubephuma noplastiki bakadoti ngesikhathi ebona uDoncabe esondela. Ngesikhathi ebuyela emuva endaweni yakhe, kuthiwa uDoncabe wamlandela wangena ngesango.
U-Alexander uthi uDoncabe wethuka kakhulu ngesikhathi ebona izinja, wabe esezama ukusebenzisa yena njengehawu ukuzivikela, nokwenza izinja zamhlasela.
Yize kunjalo, uDoncabe umile kwelokuthi wayeqoqa izinto ezingasetshenziswa kabusha (recyclable materials) ngesikhathi ehlaselwa yizinja.
Sekuqalwe umkhankaso wokuthola usizo lwezimali ku-BackaBuddy ukuze ezokwazi ukusizakala ngokululama nangezinyee izindlelko ezihambisana nokululama kwakhe.
Kuze kube yinamuhla(ngoLwesibili) ekuseni, lo mkhankaso usuqose imali ecishe ifinyelele ku-R100 000 ngeminikelo evela emphakathini.
UDoncabe usasesibhedlela, lapho elulamela khona kulandela isigameko sokuhlaselwa yizinja.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
