
I-National Consumer Commission (NCC) ikhiphe umyalelo wokubuyiselwa emuva kwezimoto ezingu-389 ezweni lonke ngenxa yezinkinga zokuphepha ezithinta izinhlobo ezithile ze-Range Rover Sport kanye ne-Volkswagen Transporter.
Lokhu kubuyiselwa emuva kwezimoto kuthinta izimoto zohlobo lwe-Range Rover Sport SV ezingu-82 ezakhiwe phakathi kuka-OCtober 2023 noJune 2026, kanye nezimoto zohlobo lwe-Volkswagen Transporter ezingu-307 ezathengiswa phakathi kukaFebruary noDecember 2025.
Okhulumela i-NCC, uPhetho Ntaba, uthi ukubuyiselwa kwe-Range Rover Sport SV kwenziwa ngemuva kokutholakala kokuvela kwemiqhekeko ezakhiweni zangemuva (rear subframes) zalezi zimoto.
“Ukuhlaziywa kabusha kwemifanekiso evela kumhlinzeki kukhombise amathuba okuba khona kwemiqhekeko esakhiweni sangemuva kwezinye izimoto. Uma kuvela umqhekeko, lokhu kungaphazamisa ukuqina kwesakhiwo semoto, okungandisa ingozi yokulimala kwabagibeli.”
UNtaba uthi umqhekeko ungase ube mubi kakhulu ngokuhamba kwesikhathi, nokuyinto enganciphisa ukuqina kwesakhiwo semoto futhi kwandise amathuba okuba sengozini yomgwaqo.
“Izimoto okuqinisekiswe ukutholakala komqhekeko zizoshintshelwa izakhiwo zangemuva, kufakwe ezintsha. Lezo ezingakwazanga ukuhlolwa ngendlela efanekelile nazo zizohlolwa kanti uma kuthplakala ukuthi zilimele kuzoshintshwa ingxenye ethintekayo.”
Mayelana ne-Volkswagen Transporter, ukubuyiselwa emuva kuthinta izimoto ezingu-307 ezifakwe amathayi ohlobo lwe-Bridgestone Duravis R660 ECO.
UNtaba uthi inkinga ukuthi izingxenye zethayi ezingaphezulu zingase zihlukane nethayi.
“Uma lokhu kwenzeka, ithayi lingalahlekelwa umoya kancane kancane noma kungalindelekile. Lokhu kungaphazamisa indlela imoto elawulwa ngayo, okubeka engcupheni ukulimala kwemoto kanye nokulimala kwabantu.”
Kulezi zimoto zohlobo lwe-Volkswagen Transporter ezingu-307 ezithintekayo, eziyisithupha zathunyelwa eNamibia.
I-NCC yeluleka abanikazi bezimoto ezithintekayo ukuthi bathinte indawo yokuthengisa izimoto zakwa-Jaguar Land Rover noma zakwa-Volkswagen eziseduze nabo, ukuze bahlele ukuhlolwa noma ukulungiswa kwezimoto zabo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
