
Amalungu oMkhandlu kaMasipala waseThekwini asanda kukhethwa afunge isifungo sokusebenza namuhla emhlanganweni wokuqala woMkhandlu kaMasipala waseThekwini, obubanjelwe e-Durban Exhibition Centre, ngokuhambisana nezidingo zoMthetho i-Local Government: Municipal Structures Act.
Lokufunga kuwuphawu lokuqala ngokusemthethweni kwesikhathi sokusebenza soMkhandlu sika-2026–2031, kulandela uKhetho loHulumeni baseKhaya lwango-2026.
Kufungiswe amaKhansela angu-223 namuhla – amaKhansela amaWadi angu-112 kanye namaKhansela angu-111 ngokwesilinganiso samavoti(proportional representation).
Ngemuva kokufunga, umhlangano uhlehlisiwe kulandela isiphakamiso esivunywe iningi lamalungu oMkhandlu.
Lokhu kuhlehlisa kuhlose ukunika amaqembu ezepolitiki isikhathi esengeziwe sokuphetha izingxoxo zobumbano.
Okusele ohlelweni lomhlangano, kubalwa ukukhethwa kukaSomlomo, amalungu eKomiti Eliphezulu (Executive Committee), iMeya, iPhini leMeya kanye noSotswebhu (Chief Whip), kuzobhekwa emhlanganweni olandelayo woMkhandlu. Usuku lwalomhlangano luzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
Umasipala uqinisekisa izakhamuzi ukuthi ukuhlinzekwa kwezinsizakalo kuzoqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka. Abaphathi bakulungele ukweseka uMkhandlu omusha esikhathini esizayo.
IZITHOMBE:









Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
