
Amaphoyisa KwaZulu-Natal aseqalise uphenyo ngokubulawa kwabantu abayisishiyagalombili okusolwa ukuthi badutshulwe babulawa bengaphakathi emotweni emgaqweni oseMabane Section, eSweetwaters, ngaphandle kwasePietermaritzburg, ngobusuku bangeSonto, 15 November 2026.
Amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko kulandela ukuthola imibiko ngesokudubula, kuthe uma efika endaweni yesigameko, athola imoto emhlophe enkulu inenqwaba yezimbobo zezinhlamvu. Ngaphakathi emotweni, amaphoyisa athole amadoda ayisishiyagalombili enamanxeba amaningi okudutshulwa. Aqinisekiswe njengashonile khona endaweni yesigameko.
Akukacaci ukuthi lesi sigameko senzeke kanjani, kanti amaphoyisa aqoqa ubufakazi ukuze athole ukuthi yini engase ibe yimbangela yokubulawa kwabo kanye nokuthi obani abasolwa ngalobu ubugebengu. Abashonile abakahlonzwa ngamagama. Imininingwane eyengeziwe izokwethulwa uma sekuqedwe ukuhlolwa kwendawo yesigameko.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
