
Amathimba okuhlenga asebenze kunetha imvula enkulu ngoLwesine awazange azithole ezinye izisulu kwimfucuza yokuwa kwesakhiwo sefulethi eNew York City okuyisigameko esadlula enmiphefumulo yabantu abalinganiselwe kwabayisishiyagalombili nokuyinto eyaphoqa uMeya uZohran Mamdani ukuthi akhiphe umyalelo wokuphenya inqwaba yezindawo ezakhiwayo.
Ngemuva kosuku lwesigameko sangoLwesithathu eDolobheni laseBrooklyn borough, uMamdani uthe idolobha lizohlola izinkampani ezinhlanu eziyamaniswa nendawo yokwakha eduze kwalapho okwawa khona isakhiwo kanye nezinye izindawo ezingu-100 ezihlobene nalezo zinhlangano.
Indawo yokwakha ebiqhubeka nomsebenzi wokumba owaqala ekuqaleni kwalo nyaka, ngokusho kwezithombe zomlando zesathelayithi. kwaphuma isaziso esisemthethweni esafakwa yinkampani yokwakha ngoSeptember sazisa iziphathimandla ukuthi umsebenzi uhlanganisa “ukuqhunyiswa kwamatshe”.
Kwatholwa abantu abayisithupha beshonile emfucumfucwini kanti abanye ababili bashona kamuva ngenxa yokulimala kwabo, kusho izikhulu zedolobha zitshela izintatheli endaweni yesehlakalo sokuwa kwesakhiwo.
Ababili kulabo abashona kwakuyiziingane kanti kubantu abadala abayisithupha abashonile kubalwa nezisebenzi zokwakha ezimbili.
Labo abalimala esigamekweni babalelwa ku-18, okubalwa kubo izicishamlilo ezine ebezihla umsebenzi wokiuhlenga abantu, kusho izikhulu
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
