
Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela indoda ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane oneminyaka engu-44 ubudala emzini oku-Long Island Avenue eParkgate, eVerulam, ngoLwesine ntambama.
Abezokuphepha abazimele be-KZN VIP baphuthume kule ndawo ngemuva kokuthola imibiko evela kwiskhakhamuzi esikhathazekile.
Abakwa-KZN VIP bathole owesifazane ngaphakathi kulo muzi enamanxeba abonakalayo emzimbeni wahlonzwa njengoshonile khona endaweni yeisgameko.
Amaphoyisa ophiko lwe-SAPS abophe, agquma esitokisini, indoda ekukholakala ukuthi ngumyeni wowesifazane otholwe eshonile.
Amaphoyisa aphenya isigameko sokubulala, kanti imbangela yokubulawa kowesifazane ayikacaci.
Omakhelwane ngaphambilini babika ngezinsolo zodlame lwasekhaya kuwo lomuzi, bathi amaphoyisa afika ezobheka isimo kodwa lokho kusazoqinisekiswa ngamaphoyisa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
