
Amaphoyisa KwaZulu-Natal azokwenza konke okusemandleni ukuthola abasolwa abadubule babulala uMphathi Wesiteshi, balimaza nelinye iphoyisa, ngesikhathi sesigameko sokudubula eGreytown ngoLwesine ntambama.
UMphathi Wesiteshi, obengu-Colonel, ubephambili ngesikhathi yena namanye amaphoyisa angaphansi kwakhe bephuthume ednaweni yesigameko sokuphangwa kwesitolo, lapho kudutshulwe kwalimala umnikazi wesitolo kwashaywa abasebenzi eGreytown.
Abasolwa abalinganiselwa kwabayishumi babaleke endaweni yesigameko ngemoto ewuhlobo lweToyota Quantum. Amaphoyisa, eholwa nguMphathi Wesiteshi futhi esebenzisana nenkampani yezokuphepha ezimele, balandele abasolwa babafic emgwaqweni u-R33, obheke eMsinga, yabe isitholana phezulu, kwaqhuma inganono.
Abasolwa badubula uMphathi Wesiteshi, washonela khona lapho endaweni yesigameko. Iphoyisa elingu-Sergeant ladutshulwa engalweni, lase liphuthumiswa esibhedlela ukuze lithole usizo lwezempilo oluphuthumayo. Kushone abasolwa ababili kwalimala owesithathu. Umsolwa othole ukulimala yena uboshiwe ngaphambo kokuphuthunyiswa esibhedlela, lapho eqashwe khona ngamaphoyisa. Kutholakale izibhamu ezintathu (izibhamu ezinkulu ezimbili nesisodwa esincane) kwabasolwa. Abanye abasolwa bakwazile ukubaleka bangaboshwa, babalekela ezintabeni.
IBamba likaKhomishana wesiFundazwe KwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makoba, uthe amaphoyisa ngeke abuthi qothu ubuthongo kuze kube yilapho abasolwa babhekana nengalo yomthetho.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
