
Kushone abantu ababili ngoLwesithathu, kwalimala abanye ababalelwa kwabangu-17, okubalwa nezingane, ngemuva kokuwa kwesakhiwo esinezitezi ezintathu eduze kwendawo yokwakha eseNew York, kusho iziphathimandla zedolobha.
Izithombe ezivela endaweni yesigameko zitshengisa izicishamlilo zicinga kwingqumbi yemfucumfucu engaphambi kwendawo okwakubonakala sengathi yindawo yokuhlala enezindonga zayo ezidilikile, eziveza igumbi lokulala kanye nekhabethe lezingubo.
Isakhiwo siwele endaweni yokumba eseduze, savalela abantu abaningi nokwenze izicishamlilo zisebenze kanzima ukubatakula ngosizo lwezinja zokusesha, ama-drone namasaha.
“Asazi ukuthi bangaki abantu abasangaphakathi endaweni okwenzeke kuyo isigameko, ngakho lokho kwenza ukuba kube umsebenzi othatha isikhathi eside,” kusho uKhomishana we-FDNY uLillian Bonsignore etshela izintatheli endaweni yesehlakalo eFlatbush, eBrooklyn ngoLwesithathu ebusuku.
UBonsignore uthe kushone abantu ababili, ngaphandle kokudalula iminyaka yabo, wathi futhi kulimale abanye abangu-17, okubalwa nezingane eziyisikhombisa. Abantu abane balimele kakhulu.
Kuphuthume abosizo lokuqala kanye nezicishamlilo ezingaphezu kwezingu-250 endaweni yesigameko kanti imbangela yokudilika kwesakhiwo iyaphenywa.
UMeya waseNew York uZohran Mamdani ushayele izandla abezimo eziphuthumayo ngomsebenzi wabo omuhle, ethi indawo yesigameko ibigcwele imfucumfucu eyingozi ebiyenza kube nzima ukusebenza kuyo.
Kubikwa ukuthi isakhiwo saseBrooklyn sakhiwa ngo-1930.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
