
Kuphahlazeke ibhanoyi phakathi nemizi endaweni yaseFlorida, kwashona abantu abayisishiyagalolunye abebephakathi ebhanoyini ngeSonto, kusho unobhala wezokuthutha wase-US.
Le ngozi yenzeke eduze kwaseCresthaven, cishe amakhilomitha angu-14 (14 km) ukusuka eMar-a-Lago, okuyindawo yokuphumula kaMengameli uDonald Trump, endaweni yabadla izambane likapondo, ePalm Beach County, cishe ngo-12:50 EST (17:50 GMT).
Izithombe ezithathwe ngemuva kwengozi zikhombisa umgodi omkhulu ophakathi nomgwaqo wendawo yomphakathi, kanti kusanezindawo ezisavutha umlilo kanye nezingcezu zikakhonkolo nezinsalela zebhanoyi lohlobo lwe-Learjet 60 ezisakazeke yonke indawo.
I-Federal Aviation Administration (FAA) esitatimendeni sayo ithe, leli bhanoyi belisuka e-Austin, eTexas, libheke eBahamas.
Imibiko yabezindaba zase-US kanye nokuhlaziywa kohambo lwebhanoyi kukhombisa ukuthi ibhanoyi lalihamba phansi ngesivinini esikhulu, isivinini esingamakhulu ngomzuzwana ngaphambi kokuba liphahlazeke.
Ngokombiko we-CBS News, umlingani we-BBC e-US, ekuqoshweni kwezingxoxo phakathi kwabashayeli bebhanoyi nabalawuli balo ngaphambi kokwenzeka kwengozi, umshayeli webhanoyi uzwakala ethi indiza yehla ngesivinini esingamamitha ayizinkulungwane eziyishumi ngomzuzu.
Umshayeli wabe esememezela isimo esiphuthumayo, ememeza ethi: “Sihamba ngesivinini esiphezulu kakhulu futhi sehla ngesivinini esingamamitha ayizinkulungwane ezingu-20 ngomzuzu,” kubika i-CBS.
“Sizophahlazeka… Asisenaso isikhathi,” kusho umshayeli etshela abalawuli bamabhanoyi.
IZITHOMBE:


Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
