
Owayengumengameli uJacob Zuma ubuyele emkhankasweni wokhetho ngemuva kokuchitha izinsuku ezingu-11 esibhedlela.
NgeSonto, ukhulume nezinkulungwane zabalandeli beqembu uMkhonto weSizwe (MK) KwaMashu, ePrincess Magogo Stadium, njengoba iqembu lenza imizamo yalo yokugcina ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngoLwesithathu.
UZuma oneminyaka engu-84 ubudala ubonakale emphakathini okokuqala kusukela ephuma esibhedlela ngomhlaka-17 October 2026, lapho ebesesiteji ePrincess Magogog Stadium, eThekwini, embuthanweni wokugcina wokhetho waleli qembu.
“Ngiyabonga, ngibuyile,” kusho uZuma ebhekise kubalandeli ekuqaleni kwenkulumo yakhe ethathe cishe imizuzu engu-45.
Ukubonakala kwakhe kuza ngemuva kwamasonto ambalwa engekho emicimbini yomphakathi, kulandela ukulaliswa kwakhe esibhedlela iNetcare St Anne’s eMgungundlovu ngomhlaka-6 October. Lokhu kwenzeka ngemuva kokuba exinwe wukugula ngesikhathi somcimbi womkhankaso eMsinga, enyakatho yaKwaZulu-Natal.
Iqembu le-MK lachaza ukulaliswa kwakhe esibhedlela njengento ejwayelekile, lathi odokotela nabahlengikazi bathola ukuthi ukhathele kakhulu, ngakho baphakamisa ukuthi aphumule ngaphansi kokunakekelwa kwezempilo.
UZuma akazange adalule imininingwane eyengeziwe ngesimo sakhe sempilo enkulumweni yakhe yangeSonto, kodwa uzame ukududuza abalandeli abebebonise ukukhathazeka ngokungabikho kwakhe.
Utshele isixuku sabantu asikho isizathu sokukhathazeka ngalokho okwakushiwo mayelana nesimo sakhe sempilo, wengeza ngokuthi ukugula kwakhe bekuyinto encane engathi shu!
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
