
Konke sekumi ngomumo okhethweni loHulumeni baseKhaya lwango-2026, lapho kulindeleke ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abangu-2.6 million bavote ngokukhethekile ngoMsombuluko nangoLwesibili.
Usuku olukhulu lokuvota lungoLwesithathu, ngomhlaka-4 November 2026, nokuwusuku olumenyezelwe njengeholide likazwelonke.
Isikhulu esiphezulu kwa-IEC, uSy Mamabolo, sithe labo abavunyelwe ukuvota besemakhaya kufanele babe khona emakhelini ababhalisa ngawo ngesikhathi befaka izicelo, ngomhlaka-2 nomhlaka-3 November.
Labo abavota ngokukhethekile ezindaweni zokuvota kufanele bavotele ezindaweni ababhalise kuzo.
Isifundazwe saseGauteng sinesibalo esiphezulu kakhulu sabavoti abavunyelwe ukuvota ngokukhethekile ezindaweni zokuvota, ngabantu abangu-391,000.
Izindawo zokuvota zizovulwa kusukela ngo-8 ekuseni kuya ku-5 ntambama ngoMsombuluko nangoLwesibili.
Khonamanjalo, iKhomishini yoKhetho inxuse kakhulu abavoti ukuthi bathathe izinyathelo zokuzivikela njengoba kulindeleke ukuba kushise kakhulu kuphinde kube nethe nemvula.
“Isibikezelo sezulu sezinsuku ezimbili ezizayo sikhombisa amathuba emvula ezingxenyeni zeKwaZulu-Natal, eGauteng naseMpumalanga. Ezinye izifundazwe ezifana neNorth West, iLimpopo, iNorthern Cape kanye neFree State zibhekene nesimo sezulu esishisayo.
“Ikhomishini ikhuthaza abavoti ukuthi babheke isibikezelo sezulu sezindawo abakuzo futhi bathathe izinyathelo ezifanele zokuzivikela ukuze bakwazi ukuvota ngaphandle kwezinkinga.”
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
