
Amaphoyisa abophe umsebenzisi ka-TikTok KwaZulu-Natal ngokusolwa ngokuthuka uKhomishana Wesifundazwe, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, kanye nokugqugquzela udlame kuvidiyo eku-TikTok.
Lo msolwa uboshwe namuhla, ngeSonto ntambama, mhlaka-1 kuLwezi, ngemuva kokuba amaphoyisa ephenye ividiyo ebekwe ku-akhawunti yakhe ka-TikTok. Ngokusho koPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS), le vidiyo ibiqukethe izenzo okusolwa ukuthi zingubugebengu, okubalwa kuzo ukuhlambalaza umuntu (crimen injuria) kanye nokugqugquzela udlame.
Ithimba Elikhethekile Lesifundazwe saKwaZulu-Natal livule icala lase lithola umsolwa esikhungweni sezemidlalo iPrincess Magogo eKwaMashu, lapho aboshwe khona. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo kaMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko, mhla zi-2 kuLwezi 2026, ebhekene namacala okuhlambalaza umuntu kanye nokugqugquzela udlame.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
