
INkantolo eNkulu yaseThekwini ivumele i-March and March ukuthi iqhubeke nemibhikisho, kodwa yabeka imibandela eqinile yokuthi akumele baphazamise ukhetho.
Ngesikhathi sokuvota nokubalwa kwamavoti, imibhikisho ivunyelwe kuphela phakathi kuka-09:00 ekuseni no-15:00 ntambama. Amaphoyisa ekuqaleni abefuna ukuthi imibhikisho imiswe amasonto amabili, ephikisana ngokuthi adinga ukugcina amandla awo ukuze aqinisekise ukuphepha komphakathi kanye nokuvikeleka kokhetho.
IJaji uPeter Olson likhiphe umyalelo wokuthi imibhikisho kumele ibe nokuthula, ingabi nodlame, ukwesabisa, ukuphanga, ukulimala kwempahla, izikhali, noma ukumbozwa/ukufihlwa kobuso.
Abaholi be-March and March banxuse abalandeli babo ukuthi baqale kabusha imibhikisho yabo ngomhlaka-7 Novermber 2026i. Izinhlangothi zombili kulindeleke ukuthi zibuyele enkantolo ngomhlaka-18 January ukuze zethule iziphakamiso zazo mayelana nomyalelo wokugcina.
Umholi we-March and March, uJacinta Ngobese-Zuma, unxuse abalandeli bale nhlangano ukuthi bahloniphe isinqumo senkantolo, kodwa baphume ngobuningi babo bayovota.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
