
I-Democratic Alliance (DA) oThukela igxeka isinqumo sikaMeya uNkosi NB Shabalala sokubhalela inkantolo ukusekela ukubuyela esikhundleni kwemenenja kamasipala, UThukela District Manucipaliity, uLangelihle Jili osolwa ngenkohlakalo.
Encwadini yomhlaka-28 October 2026, uMeya umemezela ukuthi umasipala uzimisele ukwamukela uJili emsebenzini, naphezu kwezinsolo abhekene nazo ezivela eNkantolo yesiFunda saseThekwini.
UJili waboshwa ngamaphoyisa ophiko loKlebe obelusebenza isinyenyela, lapho kuthiwa wamukela khona u-R100,000 kumhlinzeki wezinsizakalo. Inkantolo iphinde yezwa izinsolo zokuthi kamuva wanikeza abaphenyi boKlebe uR600,000 ukuze agweme ukuboshwa.
Ngesikhathi oKlebe bephenya ngenkohlakalo, uMeya we-IFP ubonakala ekhathazeke kakhulu ngokuvikela abamangalelwa kunokuvikela umphakathi.
Icala likaJili libuyela enkantolo namuhla kanti iMeya iNkosi uShabalala izongena ebhokisini lofakazi.
Incwadi:

Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
