
USibonelo Nomvalo ukhale mi izinyembezi ngesikhathi ekhuluma ngobunzima bokuxoshwa kwakhe esikhundleni sikaNobhala-Jikelele weqembu i-uMkhonto weSizwe.
UNomvalo uthe isonto eledlule belinzima kakhulu kuye kanye nasemndenini wakhe.
Namuhla, uSibonelo Nomvalo ukhuluma obala okokuqala ngqa selokhu axoshwa esikhundleni sikaNobhala-Jikelele weqembu i-uMkhonto weSizwe.
“Ngimi lapha hhayi ngoba ngilwela ukubuyiselwa esikhundleni sami njengoNobhala-Jikelele weqembu i-uMkhonto weSizwe. Ngifuna ukwenza izinto ezimbili kuphela: ukuvikela isithunzi sami—engasisebenzela ngemfundo yami—kanye nokwazisa amalungu eqembu i-MK ngalokho okwenzekayo eqenjini lawo, njengoba nganqatshelwe ithuba lokwenza lokho ngaphakathi eqenjini, futhi ngaphucwa nethuba lokwenza ukudluliselwa okusemthethweni kwezikhundla.”
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
